Ingabe iyini iMpatho-Lwazi?
IMpatho-Lwazi kungukwenza kwemikhakha eyehlukahlukene okuye kusize iminyango nezinhlangano ukuba zithuthukise ziphucule izindlela ezisebenzisa, zisabalalise, zikhande, ziguquguqule, zigcine ngazo ulwazi ukuze zifinyelele ezinhlosweni zazo ngokushesha nangempumelelo.
Luyini usizo olukhulu lweMpatho-Lwazi?
Izinhlangano ziyasizakala ukuba zisheshe zifeze izifiso nezinhloso zazo, bese kuthuthuka ukukhiqiza, ummongo, ukusungulwa kwamasu amasha, ukuqhudelana.
ukwanda kwamasu amasha kwezeSayensi; kanti abasebenza ngolwazi bayathuthuka ububona nogqozi lwabo luyanda.
Kungabe iMpatho-Lwazi iyisixazululwana nje esingumasheshisa?
IMpatho-Lwazi iyinto eqhubekayo futhi engeyena umasheshisa wesixazululo. Emhlabeni wonke jikelele, imikhankaso nezinhlelo zokuPhathwa koLwazi ziyaqalwa futhi akusekho ndlela mbili. Umkhankaso wokuPhathwa koLwazi iyona ndlela eya kwikusasa elinempumelelo.
Buyini ubudlelwano phakathi kokuPhathwa koLwazi neNkathi yobuChwepheshe boLwazi?
Ikhompyutha encane, i-Internet kanye nokuthuthuka kobuchwepheshe, namagxathu asethathiwe emhlabeni wonke ikakhulukazi eMelika, sekuye kwaholela ekusungulweni kwegama elithi "iNkathi yobuChwepheshe boLwazi" (Information Age) kodwa nakho okubonakalayo ukuthi kuzoya ngokuya kubizwe ngeNkathi yoLwazi "Ulwazi Age". Njengalokhu abantu beqheluka eNkathini yeziMboni (Indusrial Age) beyilokhu besondelela ngasenkathini yolwazi, emazingeni aphansi, iMpatho-Lwazi yona seyithuthuke kakhulu ezingeni elijiyile ukuze kubhekanwe nezinguquko.
Kungabe iMpatho-Lwazi iyinto entsha yini?
Izinqubo nemigomo yokuPhathwa koLwazi akuzona izinto ezintsha neze, njengalokhu kukhonjiswa ukuthuthukiswa nokusetshenziswa kolwazi okwakwenziwa isintu sasemandulo (izibonelo zalokho: izindlela okwakusetshenziswa ngazo umlilo, insimbi nethusi) okwakudluliselwa kuzizukulwane ngezizukulwane bese zanda nomhlaba wonkana. Indlela ehlelekile yokuphathwa kolwazi njengenqolobane kungumkhakha omusha futhi othuthuka ngesikhulu isivinini lesi, lokhu kudalwa izinguquko ezisheshayo nentuthuko kubuchwepheshe nasemkhakheni wezokuxhumana kanye nokubukwa ngeso elisha nokubona ubugugu bolwazi njengenqolobane yokusetshenziswa kwamasu.
ULWAZI luyinqolobane eyigugu njengalezi zemvelo okungezomhlaba, zabasebenzi, nesamba somnotho. Indlela izimboni nezinhlangano ezisebenzisa ngayo ulwazi nezindlela ezisetshenziswayo ukwenelisa isidingo solwazi, kanye nendlela okusabalaliswa ngayo lolo lwazi, konke lokhu kungenzeka ngempumelelo uma kusetshenziswa isikhali esiyimfihlo yempumelelo esiyiMpatho-Lwazi.
Kungabe iMpatho-Lwazi ihlukile yini kubuChwepheshe boLwazi na?
Kungabe iMpatho-Lwazi ingubuchwepheshe kumbe isenzo na?
IMpatho-Lwazi akusibona nje ubuchwepheshe kumbe ukwenza okuthile nje, kodwa kunguhlelo neqoqo lobuchwepheshe okusekele ukucobelelana ngolwazi esikhungweni esithize ukuze kuphumeleliswe amasu nemikhankaso yokuqala izinto ezintsha.
Ixhumana kanjani iMpatho-Lwazi (KM) nesintu na?
Okumqoka kakhulu kumkhakha weMpatho-Lwazi abasebenzi abasebenza ngoLwazi, ababambi-qhaza abasebenza esikhungweni esithize futhi abasimamiswa ngolwazi futhi ababhekeke ukuthi basize amakhasimende alesosikhungo.
IMpatho-Lwazi ke imalungana nabantu nokwengamela kwabo izimpilo zabo, hayi uhlelo olulawula ngendlela yondlovu kayiphikiswa.
Ukuguqula indlela endala yokwenza izinto, okunesidingo sokuba kuguquke indlela abantu abacabanga ngayo nenqubo emsebenzini iguqulelwe kuleyo enesisekelo sokwethembana nokwethembeka.
Ukucobelelana ngolwazi kuzosiza abasebenzi besikhungo ukuba basebenzise ulwazi oluvele lukhona kunokuba bazame ukusungula okusha..
Lokhu kuzokwandisa ukusetshenziswa kwesikhathi ngendlela ebonakalayo nenemiphumela , ukusungulwa kwezinto ezintsha, okuyimiphumela yolwazi olusha.
IMpatho-Lwazi inamuphi umthelela emaswini okusebenza enhlangano na?
Elinye iphuzu elisemqoka leMpatho -Lwazi elokuyixhumanisa nezinqubo namasu okusebenza akulesosikhungo lokho kwenza okuye kubeke inhlangano nesikhungo eqophelweni lokuqhudelana kangcono nezinye.
Ingabe ukuphi umehluko phakathi kwemininingo, ukwazi, nolwazi?
Imininingo imele lokho okungaphawuleka kumbe okungamaqiniso kungaqhathaniswe nalutho, ngalokho ke kungenangqondo nammongo otheni. Ukwazi khona kungumphumela wokubeka imininingo ngendlela ezwakalayo nangendlela ephathelene nokuthile, ngokuvamile ngendlela eba nomyalezo. Ulwazi lona kuyilokho esize sikukholelwe sikunike ubumqoka obuthize emveni kokuba sesihlanganise sahlela imiyalezo ngendlela eqondakalayo ngenxa yesesike sakubona, sahlangabezana nakho ngokuxhumana kumbe okuqondiswayo. Ulwazi lungabukwa njengento engagcinwa bese isethsenziswa njengokwesidingo, nanjengohlelo oluqhubekayo lokwazi okuxutshwe nokwenza - okunguhlelo oluveza lukhombise ubungoti.
Isimo-Lwazi siyiqoqo lemithetho okunenkolelo yokuthi iliqiniso, leyonkolelo ibe ingeyomuntu oyedwa okungenani, ngesimo semiyalezo nolwazi olwenele olungahle luqondwe nangomunye umuntu futhi alusebenzise. Kufanele kube namaphuzu athize abukwayo ukuze kuqinisekiswe isimo-lwazi ngaphambi kokuba semukelwe njengolwazi.
Ikhona yini indlela yokukala nokuhlola iqophelo nezinga lolwazi?
Yebo, ngokuthi lukwazi ukuthi lusize isikhungo kumbe inhlangano kumbe umuntu ukuthi afinyelele la ephokophelele khona kalula.
Sikhona yini isizinda seMpatho-Lwazi kumbe i-website?
Sesiye sasungulwa isizinda seMpatho-Lwazi ukuze sihlinzeke umgudu wokuxhumana gokuhlanganyela oMnyango wezokuXhumana. Lokhu kuzokusebenza njengeyona nqolobane yeMpatho-Lwazi, kuhlinzekwe nolwazi olumayelana neMpatho-Lwazi bese kusetshenziswa njengomgudu wokuthi kuxoxiswane mayelana neMpatho-Lwazi e-ningizimu Afrika.
